Johannesburg - Umqeqeshi uPitso Mosimane uthi kunzima ukucindezela iqembu elinohlonze, esho lokhu ngemuva kokuthi iMamelodi Sundowns ishaye iMoroka Swallows ngo 2-0 koweligi.
Labo shampeni beligi banqobe okokuqala kusukela kuqale isizini entsha, ngamagoli kaMame Niang noKudakwashe Mahachi, eDobsonville Stadium.
UMosimane uthi bekucacile ukuthi ezakhe zifuna ukuthumela umyalezo oqinile kulabo ababagxekayo, kubika iKickOff.com.
"Singabaqeqeshi, siyaqeqeshwa ukuthi sikushaye indiva ukukhuluma okungenasidingo. Uma iSundowns ihluliwe kuba nesipepe ongazange wasibona.
"Kumanje kukhona abazokhonondela ukuthi igoli likaNiang lifakwe kanjani.
"Konke lokho akunankinga, siyiqembu elikwaziyo ukuvuka lizithathe."
UMosimane uthe ujabule kakhulu ngokuthi bakwazile ukuthokozisa abalandeli beqembu.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter