Johannesburg – Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane akazange awachithe amahlebezi athi angase asayine isiqongqwane sasemuva uSiyanda Xulu.
UXulu owaqala ukudlala ibhola elikhokhelwayo egijima kwiDowns kunamahlebezi athi angase alishiye iqembu adlala kulo eRussia i-FC Rostov ekupheleni kwesizini abuyele kwiPSL.
Ngokubika kweKickOff uMosimane uthe uma kwenzeka uXulu ebuya lilodwa iqembu azolijoyina.
“Angifuni ukusheshe ngihambe phambili,” kusho lo mqeqeshi.
“Sizobona isikhathi sifika.
Okwamanje lo mdlali usengumdlali weqembu leRussia…. Akayena umdlali wethu.”
OLUNYE UDABA: UPitso ufanise iChiefs neBayern Munich
UMosimane uthe: “Ungumfana oqotho. Uqhamuka kwiDowns futhi uyazi ukuthi ngicabanga kanjani ngaye.
Ngicabanga ukuthi uzobuyela ekhaya uma isimo simvumela.
Anginandaba nombango ngoSiyanda nginesiqiniseko ngaye.”
AmaBrazilians abheke umdlali wasemuva ozokwazi ukuvala isikhala sikakaputeni wabo u-Ale Schut osebuyela eNetherlands ekupheleni kwale sizini.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho