London - Inkakha yeManchester United, uPaul Scholes, isigxeke uYaya
Toure, yathi ukungakwazi kwalo mdlali ukumaka ibhola kuzodalela iManchester
City izinkinga.
UScholes
uchaze uToure ‘njengesibukeli’ wathi amaCitizens azothwala kanzima kuChampions
League njengoba kubonakele bedlala neBayernm, kubike iSocceladuma.
Funda nalolu daba: UModise uthi iPrates izodlula kowamanqamu.
“Ngesikhathi ngibuka umdlalo weManchester City neBayern Munich ngoLwesithathu, kwavele kwangicacela ukuthi iqembu likaManuel Pellegrini lisanenkinga efanayo kuChampions League. Ukwehlukela kukaYaya Touré ukumaka ibhola esiswini kuyinkinga enkulu ebhekene neqembu,” kusho uScholes ebhala kuExpress. “Akabonakali engumuntu okukhathalele ukumaka ibhola, bese uFernandinho ehlalelwa ukwenza umsebenzi wabantu ababili,” usho kanje.
“ICity yasizwa unozinti wayo uJoe Hart ngoba ukube wayengakho ngabe isiwombe sokuqala saphela ilandela ngamagoli amane noma amathathu,” usho kanje. – "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.