isiZulu Ama site/IZINHLELO >

USemenya ugcwele ukuzethemba

2012-08-10 07:19
London - Unyazi lomsubathi wakuleli uCaster Semenya uthi uyazethemba ekutheni aphume nendondo kulandela ukubahola ngesikhathi ethatha indawo yokuqala kowe-800m semi-finals yabesifazane kuma-Olympics.

USemenya ubelokhu ebukeka engazizwa kahle ngesikhathi kuqhubeka le midlalo, kodwa ngoLwesine ukwenze kwacaca ukuthi nakanjani ufuna ukubalwa nabathathu abazowina ngoMgqibelo.

“Ngijabule kakhulu ngokufinyelela kowamanqamu, bekunzima kodwa ngibhukulile," kusho uSemenya.

“Ngizilolonge ngokwanele manje sekuyisikhathi sokuthi kubonakale izithelo.

“Imiphumela ayibalulekile, kuphela nje uma ngifike kowamanqamu."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

SAPA
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)