Johannesburg - UShakes Mashaba uthi akakasithathi isinqumo ngozoba ukapteni iBafana Bafana kweyokuhlungela eyeAfrica Cup of Nations.
Unozinti weKaizer Chiefs uItumeleng Khune uyena obengukapteni ngesikhathi kusaqeqesha uGordon Igesund, kodwa uMashaba uthi yena akakamqoki owakhe.
Ekhuluma
kuKickOff.com mayelana
nozoba ngukapteni weqembu, uthe: “akuyona
into elula ukukhetha.
“Ukuba ukapteni kudinga umuntu okwaziyo ukuba ngumholi...awuvele
ukhethe nje,” usho kanje.
“Uma
ubheka umholi, ubheka izinto eziningi: ezifana nokuthi ubaphatha kanjani abanye
abadlali, ukhuluma kanjani nethimba labaqeqeshi nokuthi ubhekana kanjani
nezinkinga zabadlali,” kusho lo mqeqeshi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.