Johannesburg - Umgadli wePlatinum Stars uPatrick Malokase uthi ukholelwa ukuthi ukufika kukaTlou Segolela kuleli qembu kuzonezezela umsoco.
“Ungumuntu olungile nosebenza kanzima futhi angingabazi ukuthi uza nokusha eqenjini,” kusho uMalokase ngalo mdlali osuka ku-Orlando Pirates, kubika iKickOff.com.
“Uthobekile, unenhlonipho futhi uzosisiza ekutheni sisuke endaweni eyingozi ohlwini lweligi,” kusho uMalokase.
OLUNYE UDABA: Yayisivele icacile ekaSegolela - Sukazi
IDikwena isayine uSegolela noGladwin Shitolo besuka kuPirates, kwathi uTshepo Gumede noSiyabonga Mpontshane baya kumaBhakabhaka.
IStars izodlala umdlalo wayo wokuqala esigabeni sesibili seligi neMpumalanga Black Aces, eRoyal Bafokeng Sports Place, ngoFebhuwari 11.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.