Lo mdlali oseseqenjini leshumi esigabeni sebhola elikhokhelayo, unikezwe ithuba uSuthu njengoba esayine inkontileka yezinyanga eziyisithupha.
Leli qembu limthatha nje lizama ngazo zonke izindlela ukuvika izembe njengoba linamaphuzu angu-9 emidlalweni engu-16.
"Leli qembu lingakwazi ukuvika izembe ngoba lizimisele. Senginamasonto amabili ngilapha kanti into egqamile intshisekelo.
OLUNYE UDABA: Ibhantshi ligcwale umoya ku-OJ Mabizela
"Kuyangijabulisa ukujoyina iqembu engaziyo ukuthi ngizolidlalela ngokuzimisela. Ngizimisele ukudlala ngiqinisekise ukuthi leli qembu aliyi ehlathini.”
Lo mdlali owaba ngukaputeni omncane kunabo bonke ukuhola iBafana Bafana, unqabile ukukhuluma ngezizathu ezamenza washiya iMpumalanga Black Aces njengoba abanye bethi wayengaboni ngasolinye noClive Barker.
"Okwenzeka ku-Aces sekungumlando futhi anginaso isikhathi sokukhuluma ngakho.”
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter