Johannesburg – Isihlabani seMamelodi Sundowns uTeko Modise usexwayise
iKaizer Chiefs evutha amalangabi kulezi zinsuku ukuthi okubalulekile wukuqeda
kunokuqala.
Ngokubika kwe-KickOff lo
mdlali uyakuvuma ukuthi Amakhosi adlale kahle kakhulu kulezi zinsuku kodwa
usexwayise ngokuthi emjahweni okubalulekile wukuthi uwuqeda kanjani kunendlela
oqale ngayo.
Amakhosi awakaze ahlulwe
kule sizini emdlalweni engu-8 yeligi kanti lokhu sekudale ukuthi aqhoqhobale
esicongweni ngamaphuzu ayishumi.
Kubikwa ukuthi uModise uveze ukuthi luselude
ukhalo olusazohanjwa kule sizini.
OLUNYE UDABA: UModise uthi lizodlula iBhakabhaka koweMTN8
“Badlale
kahle kakhulu futhi abakaze baphambuke kodwa lokhu akuchazi ukuthi bazoqhubeka
kanje kuze kuphele isizini,” kusho uModise kwiwebsite yakhe.
“Ngesizini edlule baqala kahle kodwa
abakwazanga ukuqhubeka kuze kuphele isizini okusho khona ukuthi okobalulekile
wukuqeda kunokuqala,” kusho lo mdlali onqobe iligi okokuqala neSundowns
ngesizini edlule.
Amakhosi azobhekana neMoroka Swallows ngoLwesithathu esanda
kulahlekelwa ngumqeqeshi uZeca Marques.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho