Johannesburg - Umdlali weMoroka Swallows uDikgang Mabalane uthi ufuna ukunqoba esinye isicoco seLigi agcina ukusithatha esadlalela i-Orlando Pirates ukuze akhombise ukuthi lokhu akwenzekanga ngephutha, kubiek iKickOff.com.
'UTerminator', sekuphele iminyaka engaphezulu kweyishumu edlala ku-PSL njengoba esedlalele amaqembu afana neJomo Cosmos, SuperSport United, Maritzburg United nePirates. Ngesikhathi edlala kuCosmos nakuSuperSport wakwazi ukuthola izinkomishi, kodwa kumaBhakabhaka wathola eseLigi ngo-2010/11.
"Njengoba
ngakwazi ukunqoba isicoco sokuqala seLigi ku-Orlando Pirates, ngisafuna
ukunqoba lesi sicoco futhi ukuze kubonakale ukuthi akubanga yiphutha,” kusho uMabalane.
ISwallows
iyiqale kahle isizini, kodwa ithotshiswe kabuhlungu ngo-3-0 ngesikhathi idlala
neBidvest Wits ngoLwesihlanu olwedlule.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.