Cape Town – Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Eric Tinkler uthi unabagadli abaningi abasezingeni eliphezulu kule sizini.
ULehlohonolo Majoro, Thamsanqa Gabuza, Tendai Ndoro kanye noKermit Erasmus bonke bazolwela ijezi kule sizini kodwa uTinkler uthi ukuba nabadlali abaningi abasezingeni kuyaliqinisa iqembu.
"Impela kuphathisana ngekhanda kodwa ngendlela enhle,” kusho uTinkler.
Funda nalolu daba:
"Bonke bangabagadli abasezingeni futhi nakanjani kuzobanzima ukukhetha abazodlala noma abangeke badlale, kodwa futhi kuyinto enhle.”
IPirates izotholana phezulu neKaizer Chiefs koweCarling Black Label ngo-15:30.