Manchester - Umdlali waseColombia, uRadamel Falcao, uthi kufezeke iphupho lakhe ngokuthi abolekiswe kuManchester United esuka kuMonaco, esivumelwaneni esiphothulwe ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokuthengwa kwabadlali.
"Kuyiphupho lokhu kumina ukuba ngizodlala kuPremier League," usho kanje ekhulumaku-MUTV.
"Kade ngangifuna ukuba lapha ngoba iligi yalana isezingeni eliphezulu, kanti neManchester United iyiqembu eluphezulu eNgilandi. Konke kungihambela kahle"
Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala uye eManchester eyohlolwa isimo sempilo ntambama ngoMsombuluko, kanti i-United ikuqinisekise ngemuva kwamahora amabili kuvalwe iwindi ukuthi usesayinile.
Kukholakala ukuthi i-United ikhokhele iMonaco imali elinganiselwa ku-$13.1 million ukuze ithole uFalcao kule sizini.
"Ngibonga uNkulunkulu ukuthi lokhu kugcine kufezekile. Ngijabule kakhulu,” usho kanje.
Ukusayina kukaFalcao ku-United sekubeke ku-$248 million imali esisetshenziswe yiMan United ukuzama ukuqinisa iqembu layo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.