Johannesburg - UKaputeni weNingizimu Afrika uDean Furman uyavuma ukuthi udumele ngemuva kokuba iBafana Bafana idlale ngo-2-2 neNigeria emdlalweni wokugcina kaGroup A, kweyokuhlungela eye-African Cup of Nations ngoLwesithathu.
Amagoli amabili kaTokelo Rantie abeke phambili iBafana ngaphambi kokuba uSone Aluko naye avalele amabili eNigeria, umdlalo waphela ngokulingana, kubika iSoccerLaduma.
Ukudlala ngokulingana kwalamaqembu kwenze iNingizimu Afrika yaqeda iqhwakele ngamaphuzu angu-12, ilandelwa yiCongo ngamaphuzu ayishumu, bese kuba yiNigeria ngamaphuzu angu-8, kugcine iSudan.
Funda nalolu daba: IDowns ibambe umoya ngesimo sikaPelembe.
“Sidumele kakhulu ngokwehluleka ukunqoba lo mdlalo,” kusho uFurman.
“Sesibheke i-Afcon manje, kodwa muningi umsebenzi okusamele siwenze.
UFurman uphinde wakuvuma ukuthi impumelelo yabo idalwe ukuba khona kukaShakes Mashaba.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.