Johannesburg - Umqeqeshi weMaritzburg United, uMandla Ncikazi, uthi kuyamjabulisa ukubona imisebenzi kaSteve Komphela iphumelela eqenjini lakhe elisha, iKaizer Chiefs.
UKomphela uholele Amakhosi kowamanqamu eMTN8 nokuyilapho ezobhekana khona ne-Ajax Cape Town.UNcikazi uthi ujabule kakhulu ngokubona uKomphela enza kahle kwiChiefs esikhathini esincane kangaka.
Funda nalolu daba: Uyakhala umqeqeshi oxoshiwe
"Ngimjabulela kakhulu yena kanye neqembu futhi ngikholelwa ukuthi unothanda lokuqeqesha,” kusho uNcikazi kwiKickOff.com.
UNcikazi kodwa uthi uKomphela wabanenhlanhla ngesikhathi iChiefs ibhekene neqembu lakhe ngoba bakora kune- offside.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.