Pretoria – Umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns uBryce Moon usezwakalise
ukuthi unesifiso sokuthi abolekiswe uma kuvuleka iwindi lokubolekiswa
kwabadlali ngoJanuwari njengoba AmaZulu asekhombise intshisekelo kuyena.
Lo
mdlali akakaze agijime kuleli qembu kule sizini kanti usekubeke kwacaca ukuthi
uncamela ukubolekiswa kunokushaywa ngesithende njengoba engabonwa
nasebhentshini.
Usuthu olubhekene nesambane kule sizini lusenkingeni ngomdlali
wasemuva ngakwesokudla kulandela ukuhamba kukaBonginkosi Macala kanti slikuvezile
ukuthi lizimisele ngokuthola umdlali ofana noMoon.
OLUNYE UDABA: UMoon ufuna kuhoxiswe amacala
Ngokubika kweKickOff umthombo uveze ukuthi
iSundowns izimisele ngokuthi kube khona abadlali ebakhululayo noma
ebabolekisayo uma kuvuleka iwindi ngoJanuwari.
UMoon ubanga ijezi lakhe nabadlali okubalwa kubo uRamahlwe Mphahlele,
Rheeece Evans noSiyanda Zwane.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho