Johannesburg – UTim Sukazi ophethe izindaba zesiqongqwane sasemuva seKaizer
Chiefs neBafana Bafana u-Eric Mathoho usekuqinisekisile ukuthi kunamaqembu
ase-Europe akhombisa intshisekelo kulo mdlali.
Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala udlala
ibhola elinenkosi phakathi kulezi zinsuku kwiChiefs nakwiBafana ngaphansi
komqeqeshi uShakes Mashaba njengoba eseyidlale yonke imidlalo yokuhlunga ye-2015
Africa Cup of Nations.
Kubikwa ukuthi
mabili amaqembu ase-Europe asekhombisa intshisekelo kuyona ngokubika
kwe-SoccerLaduma.
OLUNYE UDABA: Kuyadumaza ukulimala kukaMathoho - Baxter
USukazi uthe: “Ngeshwa
ngeke ngikwazi ukudalula amaqembu azimisele ngoMathoho noma amazwe akuwona
kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi adlala kumaligi asezingeni eliphezulu
e-Europe.
Amaqembu azimisele impela
kodwa uMthoho unenkontileka naMakhosi ngakho kuzomele silinde sibone ukuthi
kuzokwenzakalani.”
Inkontileka kaMathoho izophela ngo-2017 okuchaza ukuthi uma
kuneqembu elimfunayo kuzomele likhokhe itshe le mali kwiChiefs.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho