Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uVladimir Vermezovic ukhala ngamathuba abawayekile ngesikhathi bedlala ngokulingana ne-University of Pretoria eTuks Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
Umdlali weBhakabhaka uLennox Bacela uthole ithuba elihle ngomzuzu ka-11 kodwa wahluleka ukulisebenzisa.
UVermezovic usola ukuthi ngabe kukhulunywa okwehlukile ukuba lo mdlali
wakhe owayegijima kuBloemfontein Celtic ulisebenzisile ithuba, kubika iKickOff.com.
Funda nalolu daba: Bekungebona ubusuku bethu - OweBucks.
UVermezovic uthe: "Siwatholile amathuba sangawasebenzisa, kodwa nabo bebesivale kahle futhi emuva”.
"Ngabe kukhulunywa okunye, ukuba nje ithuba lokuqala elitholwe uLennox ulisebenzisile, ngoba leli qembu lidlala kahle kakhulu uma selikorile.
Lo mqeqeshi uqhube wathi: "Ngihlale ngidlalela ukunqoba.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.