Cape Town - Umdlali we-Ajax Cape Town nodlala eqenjini lesizwe lika-U20, u-Ayabulela Magqwaka, utshele iSiya crew ukuthi ujabule ngokubizwa eqenjini leBafana Bafana.
Lo mdlali oneminyaka engu-18 ubudala ungomunye wabadlali ababizwe umqeqeshi weBafana Bafana, u-Ephraim ‘Shakes’ Mashaba, ukuba abeyingxenye yeqembu elizodlala neSudan neNigeria, kweyokuhlungela imidlalo ye-Africa Cup of Nations ka-2015, Ngenyanga ezayo.
“Ngibone manje, bengiphuma ejimini, ngezwa sengihalaliselwa. Kodwa bengisadidekile, base bethi, “ ubiziwe eqenjini leBafana.”
"Yazi ngivele ngakhala. Bengithukile ukuthi ngingabizwa kuBafana ngisemncane kangaka. Ngijabule kakhulu futhi ngijabuliswa nawukuthi uShakes uyakholelwa kumina, kubike iSoccerladuma.
"Wayehlala
engithethisa (eqenjini lika-U20), kwakuba sengathi ngiyabheda kakhulu. Nami
ngangihlale ngizikhandla. Ngicabanga ukuthi lona wumphumela wokusebenza
ngokuzikhandla. Ngijabule ngendlela engingakaze ngizizwe ngayo phambilini,”
kusho uMagqwaka.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.