Share

Ukhonjwa kwelaseBelgium ogijima kuMaZulu

Johannesburg – Ukhonjwa eBelgium umgadli weBafana Bafana naMaZulu uBongani Ndulula obegaqelwe yiKaizer Chiefs.

Amakhosi yiwona abehamba phambili ekufuneni lo mgadli obeyingxenye yemidlalo yokuhlunga ye-2015 Africa Cup of Nations neBafana Bafana.

Umphathi wezindaba zikaNdulula uTim Sukazi uthe maningi amathuba okuthi lo mgadli alibangise phesheya kwezilwandle ngenxa yamaqembu amfunayo.

“AmaZulu asexhumanile nathi mayelana nokunikeza uNdulula inkontileka entsha.

"Kodwa ngenxa yokuthi uyinyama emaqenjini aphesheya siwachazelile futhi nawo akuqonda lokho,” kusho uSukazi ekhulula neKickOff.  

OLUNYE UDABA: AmaZulu azimisele ukumgcina uNdulula

“Izikhulu zaseBelgium sezike zafika nakuleli ukuzoba uBongani edlala imidlalo eyahlukene kanti sinethemba ukuthi kukhona okuzoqhamuka.

"Uma kushaya uJanuwari iqembu laseBelgium limfuna ngokushesha kuzomele lixoxisane naMaZulu ngesamba.

"Okufanayo kusengenzeka nakwiChiefs noma yiliphi elinye iqembu elimfunayo,” esho.

UNdulula ungomunye wabagadli abadlale indima ebalulekile ukuqinisekisa ukuthi iBafana Bafana iyakwazi ukuya e-Equatorial Guinea.


      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 517 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 537 votes
Vote
Rand - Dollar
19.11
+0.4%
Rand - Pound
23.80
-0.4%
Rand - Euro
20.46
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.40
-0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
920.40
-1.1%
Palladium
1,026.50
+1.1%
Gold
2,322.61
-0.2%
Silver
27.34
+0.6%
Brent Crude
87.00
-0.3%
Top 40
68,051
+0.8%
All Share
74,011
+0.6%
Resource 10
59,613
-2.2%
Industrial 25
102,806
+1.7%
Financial 15
15,897
+1.8%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE