Johannesburg - Lowo owayengumdlali weKaizer Chiefs, u-Arthur Bartman, uthi ukuya phesheya kwezilwandle kuphela okuzokwenza umqondo ngesinqumo sika-Itumeleng Khune.
“Kunzima ukucabanga uKhune esedlalela elinye iqembu, kodwa leso yisinqumo esizokwenziwa uyena,” kusho uBartman kwiSoccerLaduma.
Funda nalolu daba: Kuboshwe izikhulu zebhola lezinyawo ngokugwazelwa
“Ngokwami ukubona, ngicabanga ukuthi ukuya e-Europe kuphela okuzokwenza umqondo. Ngiyazi ukuthi abantu bathi buyinkinga ubude bakhe kodwa ngikholelwa ukuthi angakwazi ukwenza kahle.
“UKhune usezuze okuningi eNingizimu Afrika. Uma efuna ukuya kwelinye iqembu kumele acabange ngezinto eziningi, umndeni wakhe, abaxhasi nokunye,” kusho uBartman.
“Kumele azenzele isinqumo esifanele, noma ngabe sinjani.”
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.