isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Ulindele iSafa u-Igesund

2012-06-07 11:16
Johannesburg - Umlolongi weMoroka Swallows, uGordon Igesund uthe ulindele ukuzwa ukuthi ithini iSouth African Football Association mayelana nomsebenzi wokuqeqeshwa kweBafana Bafana, kusho abezindaba zeSowetan.

U-Igesund nguye obhekeke ukuthi athathe lo msebenzi kulandela ukuxoshwa kukaPitso Mosimane.

Lo mqeqeshi uphoqekile ukuthi ashiye ngemuva amaDube Birds okumanje aseChina la eqhuba khona imidlalo yobungani, emncintiswaneni iShanghai Tournament.

"Angifuni ukukhuluma ngokuthi ngizowuthatha yini lo msebenzi noma cha. Kuzomele siqale sibheke imigomo nemibandela," kuchaza u-Igesund.

Amahlebezi athi iSafa izoqasha u-Igesund nosihlalo weSwallows uLeon Prins, lingakapheli leli sonto.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

News24
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)