Johannesburg - AmaZulu asekubeke
kwacaca ukuthi uma uBongani Ndulula efuna ukulishiya leli qembu laseThekwini,
ukhululekile ukuba ahambe.
UDrogba ulokhu emataniswa neqembu leKaizer nakuba isikhathi
sokuthengwa kwabadllai siphela namhlanje (Lwesdihlanu) ngo-17:00.
Imenenja yoSuthu uLunga Sokhela utshele iKickOff.com ukuthi bamncenga lo mdlali ukuba avuselele
inkontileka yakhe, kodwa namanje akaze abaphendule.
“Ukhululekiele ukuba angahamba uma efuna ukuhamba,” kusho uSokhela.
Funda nalolu daba: U-Iron Duke ubonge uSegolela.
"Ngasohlangothini lwethu samcela futhi sisalinde yena ukuba abuyele kuthina asitshele izidingo zakhe, kodwa uma efuna ukuhamba, angahamba ayikho inkinga.”
USokhela uthi uma uNdulula ethatha isinqumo sokusayina ipre-contract nelinye iqembu, bazofuna asebenze ngokuzimisela asize iqembu livike izembe.
USuthu selusayine abadlali abafana no-OJ Mabizela, Bongi Ntuli,
Asive Langwe noRoscoe Pietersen.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.