Cape Town - Umqeqeshi weSuperSport United uCavin Johnson usetshelwe ukuthi akanqobe isicoco kulesizini noma ahambe, kubike iKickOff.com ngoLwesihlanu.
Ngemuva kokuqeda isizini edlule belambatha futhi belele endaweni yesihlanu kuligi, isikhulu se-United, uKhulu Sibiya, sithi silindele isicoco kule sizini.
“Engikudingayo manje yizinkomishi, izicoco, naye uyakwazi lokho. Ngifuna izinkomishi kanye neligi,” kusho uSibiya.
“Uyazi ukuthi ngifuna izinto ezinkulu. Ngisho noGavin Hunt wayazi kahle ukuthi engikufunayo kumele ngikuthole, naye uyazi ukuthi engikufunayo kumele ngikuthole."
AMatsatsantsa asesayine abadlali abasezingeni eliphezulu - abafana noDove Wome, Michael Morton noClayton Daniels - uSibiya uthi ukulungele ukuthatha isinyathelo uma uJohnson ehluleka ukuphakamisa indebe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).