Share

Umbiko uthi uMatlaba akajabule kuPirates

Johannesburg - Umdlali wasemuva ku-Orlando Pirates uThabo Matlaba nalowo ommele u-Abbie Rasimphi bakwenze kwacaca ukuthi lo mdlali akazimisele ngokukhuluma ngekusasa lakhe kulezi zinyanga ezingu-11 ezizayo, lokhu kubala ngisho nabaphathi bakhe eParktown. 

UMatlaba, nosonyakeni wakhe wokugcina wenkontileka yakhe namaBhakabhaka, kunamahlebemzi okuthi angase abashiye labo shampeni beNedbank Cup ka-2014.

Lo mdlali ubeyamaniswa nezimbangi zePirates, iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns ngesikhathi sokugcogcoma, yize Amakhosi esayinise uLevy Mokgothu oqhamuka kuMoroka Swallows kanti amaBrazilians asazokwenza isinqumo ngekusasa likaPunch Masenamela.

URasimphi utshele iSiya crew ukuthi kumcasule kakhulu ukubona umbiko welinye lamaphephandaba uthi lo mdlali uzibophezele ekuqhubekeni nokudlalela iPirates.

"Inkontileka kaMatlabane Pirates iphela ngo-2015. Abakhuluma okuphambene nalokho angazi bakuthathelaphi ababika ngakho. Basenga ezimithiyo. UMatlaba ngeke akhulume ngezinhlelo zekusasa lakhe okwamanje," kusho uRasimphi.

Ikusasa likaMatlaba kuPirates lavusa imvunge kulandela ukuthi umqeqeshi ahlalisa lo mdlali ebhentshini iqembu lidlala neChiefs ngoMashi.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
How often do you go to the cinema to watch new movies?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Often - nothing beats the big screen
2% - 14 votes
Hardly - I prefer streaming online
68% - 467 votes
Sometimes - it depends on the film release
30% - 207 votes
Vote
Rand - Dollar
19.09
-0.4%
Rand - Pound
23.80
-0.5%
Rand - Euro
20.35
-0.3%
Rand - Aus dollar
12.30
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.4%
Platinum
952.70
-0.0%
Palladium
1,039.00
+0.4%
Gold
2,384.27
+1.0%
Silver
28.44
+0.8%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
67,414
+0.8%
All Share
73,482
+0.7%
Resource 10
63,729
+0.6%
Industrial 25
98,489
+0.7%
Financial 15
15,535
+1.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE