Johannesburg - Umdlali weKaizer Chiefs uSiyabonga Nkosi akeneme ngemibiko ethi angase athathe umhlalaphansi ebholeni lezinyawo ekupheleni kwesizini.
UNkosi, ozohlanganisa iminyaka engu-34 ngo-agasti, usesalelwe yizinyanga ezimbalwa kuphele inkontileka yakhe neChiefs, kodwa Amakhosi abengakakuqinisekisi ukuthi ngabe azomgcina yini nangesizini ezayo lo mdlali.
Funda nalolu daba: I-PSL ihlawulise iChiefs
“Amahlebezi okuthi ngizothatha umhlalaphansi ekupheleni kwesizini awalona iqiniso,” kusho uNkosi, kubika iKickOff.com.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.