Johannesburg - Isihlabani seReal Madrid, uGareth Bale, sidalule ukuthi singowesilisa nje ofanayo nabanye futhi ongathandwa kakhulu amantombazane.
Lesi sihlabani saseWales besikhuluma ngempilo yaso, ngesikhathi sivuma ukuthi sincamela ukuhlala endlini sibukele amafilimi kunokuba sizikhiphe siyojuxuza.
"Angizikhiphi, ngakho angikutholi ukunakwa amantombazane,” usho kanje kwiWalesOnline.
"Ngeke uwabone efake izithombe zami ezindongeni zawo [amantombazane].”
Funda nalolu daba: OweBucs uthe kusazothatha isikhathi
"Ngiyazi ukuthi ontanga bami bayakuthanda ukuhamba izindawo zobumnandi kodwa lokho angikuthandi mina.”
"Ngithanda ukuzihlalela endlini, ngibukele ama-DVD noma ngihambe ngiyodla ngaphandle nabantu abasondelene nami.”
"Anginazo futhi izinamba zabantu abadumile efonini yami. Angiyena umuntu onjalo.”
"Ngicabanga ukuthi kusukela ngisemncane angikaze ngishintshe.”
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.