Cape Town - Umsubathi u-Oscar Pistorius usemisiwe ekutheni ancintisane emidlalweni yamaParalympic, kuze kube uqeda isigwebo sakhe seminyaka emihlanu, kusho umkhulumeli wabagqugquzeli bemincintiswano.
"Angeke abe yingxenye yomncintiswano isikhathi esiyiminyaka emihlanu. Kuzomele aqede isigwebo sakhe sonke," kusho umkhulumeli we-International Paralympic Committee uCraig Spence.
NgoLwesibili uPistorius, 27, ugwetshwe iminyaka emihlanu ngokudubula abulale intombi yakhe uReeva Steenkamp.
IJaji uThokozile Masipa wathi ukubulala akwenziwanga ngenhloso.
Funda nalolu daba: UMbuso awuphikise esikaPistorius- ANCWL
Omunye osethimbeni labameli bakaPistorius uRoxanne Adams, uveze ukuthi lo msubathi angase adonse esekhaya iskhathi esiyizinyanga ezingu-10.
Ngesikhathi uPistorius enezinyanga ezingu-11 ubudala, wanqunywa imilenze yakhe ngenxa yokugula.
IPC confirm to me they will not allow Pistorius to run at any of their events including Rio Games for 5 yrs, even if he's released early
— Dan Roan (@danroan) October 21, 2014
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.