Johannesburg - Umqeqeshi weSuperSport United uGordon Igesund ugxeke abadlali bakhe ngemuva kokuthelwa wuSuthu ngehlazo eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo.
Bekungokwesibili AmaZulu enqoba selokhu kuqale isizini, kanti leli qembu lilele emsileni ngamaphuzu angu-12.
"Sikhulumile ngesikhathi sekhefu ngokuthi bazosilimaza ngama-free-kick
kanye nama-throw-ins," kusho u-Igesund.