Johannesburg - Umqeqeshi uThami Ngubane usekuqinisekisile ukuthi akaseyena umqeqeshi weqembu laKwaZulu-Natal, iThanda Royal Zulu.
UNgubane uqale wamiswa yileli qembu elidlala kuNFD ngaphambi kokuba kubenesigcawu lapho kudingidwe khona ngekusasa lakhe.
Funda nalolu daba: ElePSL lisalinde isinqumo ngomdlali
"Isinqumo kube ngukuthi siyahlukana, ngakho angiseyena umqeqeshi weThanda," kusho uNgubane kwiKickOff.com.
"Angidumele kakhulu; kunjengokuba ngubaba wendodakazi ehamba iyogana, ngakho kube yisivumelwano nje sokuba sihlukane ngoba sibone lokho kuzolisiza iqembu.”
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.