Johannesburg - Umqeqeshi weManchester United, uLouis Van Gaal, uthi sebethembise uDavid de Gea imali eningi ukuze ahlale e-Old Trafford.
Inkontileka yalo nozinti ne-United iphela ngo-2016 kanti kuze kube manje ubengakayisayini entsha, kanti futhi kubikwa ukuthi izinkiunzi zaseSpain, iReal Madrid, iyamfuna lo mdlalo ukuze azezovala indawo ka-Iker Casillas.
Funda nalolu daba: Akeneme owebhakabhaka
Kodwa lo mqeqeshi uyavuma ukuthi konke kusezandleni zalo mdlali manje nakuba sebemthembise imali eningi.
“Uyena lo mdlali ongasho ukuthi ufuna ukuhlala noma cha,” kusho uVan Gaal kwabezindaba, kubika iSoccerLaduma.
“Ngiyafuna ukuba ahlale, kodwa kuzomele nibuze uDavid de Gea (ukuthi yena uyafuna yini) ningabuzi mina, kodwa simthembise imali enkulu.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.