Share

Umqeqeshi weLiverpool uvikele uBalotelli ecwaswa

London – Umqeqeshi weLiverpool uBrendan Rodgers usevikele umgadli waleli qembu uMario Balotelli ngokuthi akasiyena umdlali okunzima ukusebenza naye.

Ngokubika kweSoccerLaduma lo mgadli oneminyaka engu-24 ubudala odabuka e-Italy usayine naleli qembu ephuma kwi-AC Milan ngenyanga eyedlule kanti useshaye igoli elilodwa emdlalweni emine.

UBalotelli ngeSonto kumphindile futhi lokhu abevamise ukuhlangabezana nacho e-Italy ngesikhathi ecwaswa ngokwebala lakhe enkundleni yokuxhumana i-Twitter ngemuva kokuba ehlekise ngokuhlulwa kweManchester United yiLeicster.

OLUNYE UDABA: 'UBalotelli ubekelwe umbandela wokuziphatha'

 Umbiko uveza ukuthi uRodgers ukhombise ukumeseka umgadli wakhe ngesikhathi kunahlekiswa ngaye kuTwitter.


“Wonke umdlali uhlukile futhi ngiyakuthokozela ukusebenza naye selokhe efikile eqenjini," kusho uRodgers kwiSkySport.

“Ungumuntu olungile, uhlezi efuna ukwenza kahle eqenjini futhi usekukhombisile ukuthi ulikhathalele iqembu njengoba ezinikela ezintweni ezithinta lona,” kusho uRodgers.

“Kimina akasiyena umuntu okunzima ukusebenza naye.

Ungumdlali webhola ohlale efuna ukwenza kahle empilweni yakhe kanti uma ehlale ekhombisa ukuzimisela futhi enza kahle uyohlale enendawo eqenjini,” kusho lo mqeqeshi.

   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
68% - 1912 votes
No! It's time to move on ...
32% - 915 votes
Vote
Rand - Dollar
18.62
+0.9%
Rand - Pound
23.32
+0.7%
Rand - Euro
19.95
+0.5%
Rand - Aus dollar
12.14
+0.3%
Rand - Yen
0.12
-1.3%
Platinum
963.20
+1.8%
Palladium
955.50
-0.2%
Gold
2,318.80
+1.4%
Silver
26.67
+1.5%
Brent Crude
86.33
-1.0%
Top 40
69,925
-0.7%
All Share
76,076
-0.5%
Resource 10
61,271
-4.5%
Industrial 25
105,022
+0.4%
Financial 15
16,591
+1.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE