Johannesburg – Umqeqeshi weMoroka Swallows uZeca Marques useqinisekise abalandeli baleli qembu eligijima kwi-PSL ukuthi abagadli balo abahamba phambili bazobe sebeluleme uma sebebhekene neChippa United.
Ngokombiko we-KickOff uMarques uthe laba bagadli okunguLerato Chabangu noSiyabonga Nomvete bazobe sebeluleme ngokugcwele ngaphambi kwalo mdlalo ozobe ungomhlaka-14 Septhemba.
Laba bagadli balimale ngesikhathi leli qembu libhekene neBidvest Wits ngoLwesihlanu lapho linenebulwe khona ngamathathu eqandeni eBidvest Stadium.
“UChabangu ubenenkinga yamajaqamba esiswini kodwa manje useluleme kanti uNomvete unezinhlungu ethangeni kodwa uzoba ngcono maduze angase aqale ukuzilolonga neqembu ngoLwesihlanu,” kusho uMarques.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho