Johannesburg - Umdlali weMamelodi Sundowns uTeko Modise usehalalisele uShakes Mashaba ngomsebenzi wakhe omuhle kulandela ukuthola indawo kweBafana Bafana emidlalweni ye-Africa Cup of Nations ezoba ngonyaka ozayo, kubika iKickOff.com.
UModise, osedlalele iqembu lesizwe izikhawu ezingu-66, uthi iqembu likaMashaba selingadlala kunoma yimuphi umqhudelwano futhi linqobe noma ngabe lidlala lidlala naliphi iqembu.
Funda nalolu daba: Udumele kakhulu uDean Furman.
“Halala Bafana ngokuzicabela indlela ebheke kweye-Afcon. Benze umsebenzi omangalisayo futhi abakaze bashaywe nakanye. Iqembu lesizwe lisenze saziphenya,” kusho uModise ku-webite yeqembu.
“Kumele ashayelwe ihlombe uShakes Mashaba ngomsebenzi omuhle,”
kusho uModise.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.