Share

Unozinti weBucs uqhwakele ngamavoti kowe-CBL Cup

Johannesburg – Unozinti we-Orlando Pirates uBrighton Mhlongo uhamba phambi ngamavoti ohlwini lwabadlali abazoba yingxenye yomqhudelwano weCarling Black Label Cup.

Ngokubika kweSoccerLaduma kulolu hlu oluphume ngoLwesine uMhlongo uqhwakele ngamavoti angu-49 636.

Nakuba eseke wathola ukugxekwa kusukela aqhoqhobala le ndawo kodwa lo nozinti oneminyaka engu-24 ubudala uzokwamukela ukuthi abalandeli bamaBhakabhaka bayamethemba ezintini kunabanye ozakwabo abanga nabo ijezi.

Ngakolunye uhlangothi uThabo Rakhale uyaqhubeka nokuthola amavoti okuba kuleli qembu nakuba naye engalitholanga ithuba eliningi lokuqala imidlalo kulesi sizini ephelayo.

OLUNYE UDABA: IChippa yeshela uSikhakhane futhi - Umbiko

Izibalo zamavoti abadlali zimi kanje:

Brighton Mhlongo (49636)

Lehlohonolo Majoro (13382)

Kermit Erasmus (12728)

Oupa Manyisa (12041)

Thabo Rakhale (9668)

Issa Sarr (9105)

Sifiso Myeni (7683)

Thabo Matlaba (8089)

Happy Jele (7270)

Siyabonga Sangweni (6206)

Rooi Mahamutsa (6045)

Kulo nyaka lo mqhudelwano odlalwa amaqembu amabili iBucs neKaizer Chiefs kuphela uzobe ubungaza unyaka wesihlanu kanti kulindeleke ukuthi abalandeli babuthane e-FNB Stadium ngomhlaka 25 kuJulayi ukuqhudelana kulesi sicoco.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 523 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 735 votes
Vote
Rand - Dollar
18.92
+0.1%
Rand - Pound
23.87
+0.2%
Rand - Euro
20.39
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.32
+0.1%
Rand - Yen
0.13
+0.1%
Platinum
908.05
0.0%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE