Johannesburg – Unozinti we-Orlando Pirates uBrighton Mhlongo uhamba phambi ngamavoti ohlwini lwabadlali abazoba yingxenye yomqhudelwano weCarling Black Label Cup.
Ngokubika kweSoccerLaduma kulolu hlu oluphume ngoLwesine uMhlongo uqhwakele ngamavoti angu-49 636.
Nakuba eseke wathola ukugxekwa kusukela aqhoqhobala le ndawo kodwa lo nozinti oneminyaka engu-24 ubudala uzokwamukela ukuthi abalandeli bamaBhakabhaka bayamethemba ezintini kunabanye ozakwabo abanga nabo ijezi.
Ngakolunye uhlangothi uThabo Rakhale uyaqhubeka nokuthola amavoti okuba kuleli qembu nakuba naye engalitholanga ithuba eliningi lokuqala imidlalo kulesi sizini ephelayo.
OLUNYE UDABA: IChippa yeshela uSikhakhane futhi - Umbiko
Izibalo zamavoti abadlali zimi kanje:
Brighton Mhlongo (49636)
Lehlohonolo Majoro (13382)
Kermit Erasmus (12728)
Oupa Manyisa (12041)
Thabo Rakhale (9668)
Issa Sarr (9105)
Sifiso Myeni (7683)
Thabo Matlaba (8089)
Happy Jele (7270)
Siyabonga Sangweni (6206)
Rooi Mahamutsa (6045)
Kulo nyaka lo mqhudelwano odlalwa amaqembu amabili iBucs neKaizer Chiefs kuphela uzobe ubungaza unyaka wesihlanu kanti kulindeleke ukuthi abalandeli babuthane e-FNB Stadium ngomhlaka 25 kuJulayi ukuqhudelana kulesi sicoco.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho