Johannebsurg - Umqeqeshi weBafana Bafana u-Ephraim Mashaba usememezele iqembu elizodlala emdlalweni obalulekile neGhana namhlanje (ngoLwesibili) ubusuku kowe-Africa Cup of Nations.
UMashaba wenze izinguquko ezine eqenjini eladlala ngokulingana neSenegal,
njengoba kuzoqala uBrilliant Khuzwayo, uRivaldo Coetzee oseluleme, uMandla
Masango kanye noBongani Ndulula.
Laba bathathe izindawo zoJackson Mabokgwane, uThulani Hlatshwayo, u-Oupa
Manyisa noSibusiso Vilakazi.
Funda nalolu daba: USuthu lungaliika izembe - Mabizela.
Umdlali weDoncaster Rovers uDean Furman uzoqhubeka nokuba ngukaputeni weqembu.
IBafana kumele ishaye iBlack Stars bese yethemba ukuthi iSenegal yona yehlula i-Algeria ukuze badlulele kowomkhumulajezi.
Yombili imidlalo kaGroup C izoqala ngo-20:00 (ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika), kubika iKickOff.com.
Abazoqala umdlalo: UKhuzwayo, Ngcongca, Matlaba, Coetzee,
Mathoho, Furman, Jali, Masango, Phala, Rantie, noNdulula.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).