Johannesburg – Umgadli owazakhela udumo kwi-Ajax Cape Town uThembinkosi
Fanteni akaliphosile ithawula ngokugijima eqenjni lakwiPremier Soccer League
njengoba sekuvele ukuthi uzama inhlanhla kwiMoroka Swallows.
Lo mdlali oneminya
engu-30 ubudala sekunesikhathi engenalo iqemb u asayine nalo njengoba eke
wazilolonga neMaritzburg United ngenhloso yokuthi imsayine kodwa kwagcina
kungenzekanga.
ISoccer Laduma idalule ukuthi isingakuveza ukuthi lo mgadli oke
wagijima kwi-Orlando Pirates uzilolonga neZinyoni ngenhloso yokuthi ibamba
lomqeqeshi wazo uFani Madida uzomnikeza inkontileka.
OLUNYE UDABA: UFanteni uzama inhlanhla kwiTeam of Choice
Ngesizini ka-2012/13
uFanteni wadlala imidlalo emihlanu nje vo kwiBidsest Wits ngaphambi kokuthi
alimale.
Kusukela lapho uTerro ubesephenduke umahambe ehlala njengoba ebesezama
inhlanhla emaqenjini ahlukene kanti phakathi kwawo kubalwa AmaZulu, Chippa United
ne-Ajax Cape Town.
UFanteni uke waba ngomunye wabadlali abathwele ngeqoma
kwiPSL ngesikhathi esagijima kuma-Urban Worriors lapho abhakuzisa inethi
amahlandla ayishumi emdlalweni engu-23.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho