Johannesburg - Lowo owadlalela i-Orlando Pirates, SuperSport United ne-University of Pretoria, uFikru Teferra Lemessa, usezitholele iqembu e-India kanti izinto zihamba kahle.
Lo mdlali wase-Ethiopia useshaye amagoli amabili emidlalweni yokuqala emithathu eqenjini le-Atletico De Kolkata elidlala kwi-Hero India Super League., kubika iKickOff.com.
Washaya igoli ngesikhathi iqembu lakhe lishaya iMumbai City FC ngo-3-0
nangesikhathi lishaya iNorth East United FC ngo-2-0.
“Kuyangithokozisa ukudlala lapha kanti futhi nabalandeli
bayesekana,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala.
Funda nalolu daba: Kudingidwa ikusasa lomqeqeshi weZinyoni.
ULemessa, owayengukaputeni we-Ethiopia emqhudelwaneni weCecafa Senior Challenge Cup ka-2012, wehlukela ukuzakhela igama eNingizimu Afrika Afrika, kodwa izinto zibukeka zimhambela kahle manje eNdiya.
Iligi yaseNdiya isihehe abadlali abadumile emhlabeni, abafana noDavid
Trezeguet, Alessandro Del Piero, Nicholas Anelka, David James noLuis Garcia.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.