Johannesburg - Umdlali owayegijima kuBenoni United nakuThanda Royal Zulu, uJuly Mahlangu usezowabeka phansi amakhokho ngemuva kokudlala iminyaka engaphezulu kweyisithupha.
Lo mdlali oneminyaka engu-34 ubudala waqala ukugqama ku-United ngo-2007, edlala nabadlali ebafana noThabo Mabaso, Katleho Loke, Tsepo Masilela noBernard Parker.
Ngemuva kwalokho wadonsa amehlo eThanda, okuyilapho adlala khona amasizini amabili.
UMahlangu usebikele iSiya crew ukuthi usefuna ukuba ngumqeqeshi, ngoba uyabona ukuthi sesiphelile isikhathi sakhe sokudlala ibhola.
“Okwamanje
ngingumsizi kamqeqeshi ku-Apollo XI edlala ku-ABC Motsepe League. Nakuba
ngingakayeki ukudlala ngokugcwele, ngicabanga ukuthi sekuseduze ngiyeke, kodwa
imenenja yami isafuna ngiqhubeke ngidlale,” usho kanje ehleka.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.