Cape Town - IPolokwane City isibakhombe indlela abafikangayo umqeqeshi uBoebie Solomons kanye nesekela lakhe uJunior Morake.
Ngokwemithombo yeSiya crew esondelene neqembu, umqeqeshi neseleka lakhe bakhonjwe indlela ngemuva kwemiphumela engemihle kule sizini entsha, kubike iSoccerladuma.
USolomons wakwazi ukusiza iRise and Shine ukuba ishaye i-Universiy of Pretoria emdlalweni wokuqala weligi, kodwa kusukela lapho leli qembu alenzi kahle.
Umxhumanisi weqembu nompakathi, u-Abel Mohubedu, ukuqinisekisile ukuthi lo mqeqeshi ukhonjwe indlela.
"Yebo kunjalo, sebelishiyile iqembu uBoebie Solomons nesekela lakhe uJunior Morake. Abaxoshwanga ngenxa yemiphumela engemihle kodwa senze isivumelwane nabo,” usho kanje.
Akekho umqeqeshi esisakhulume naye okwamanje, kodwa uJunior Bhengu noBernard Molekwa yibona abazobamba izintambo. Kade bafika kuleli qembu,” kusho uMohubedu.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.