Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi
Sundowns uPitso Mosimane uthi abanye babadlali ababalulekile bebengawulungele
umdlalo ngesikhathi bedliwa bedlala neBidvest Wits ngoLwesibili ebusuku.
Igoli likaSibusiso Vilakazi alivalele emizuzwini engu-13 ngaphambi koluba uphele umdlalo linqobise ezikaGavin Hunt.
"Bekuwumdlalo onzima kuthina. Bekungelula nakancane,” kusho uMosimane ngemuva komdlalo.