Share

Usethi khumu ebholeni owaduma kwiBucs

Johannesburg – Usethi khumu ebholeni likanobhutshuzwayo owazakhela udumo kwi-Orlando Piarates uThulasizwe Mbuyane.

UMbuyane ushiya kwelikanobhutshuzwayo nje ubesegijima eqenjini leziqumama zaseThekwini zakwaMpisane iRoyal Eagles elidlala kwiNational First Division alijoyine ngo-Agasti kulo nyaka.

Ngaphambi kokuthi ajoyine iRoyal Eagles ubekwiMpumalanga Black Aces.

UMbuyane ukhulume ne-Soccer Laduma lapho eveze khona ukuthi usethathe isinqumo sokubeka amakhokho ethala kulandela izinkinga zakamuva abhekane nazo ebholeni elikhokhelwayo.

“Sivumelene ngokuthi inqanyulwe inkontileka yami ngoba bekungalungile ukuthi baqhubeke bangiholele ekubeni sengiwumuntu ohlale esesibhedlela noma ngilimele.

OLUNYE UDABA: Sengiyashiya ebholeni - Siwahla

"Ngiphinde ngachitha isikhathi esiningi ngingazilolongi neqembu yingakho ngibone kungcono ngiwabeke emgibeni amakhokho ami,” kusho lo mdlali obengalibheki ipali ngezinsuku zakhe esagijima kwiBucs.

Uqhube wathi nakuba iqembu abeselidlalela lingagculisekanga ngesinqumo sakhe kodwa lisamukelile.

“Ngokusemthethweni sengiliyekile ibhola elikhokhelwayo sengizihlalela eMpumalanga,” kusho uMbuyane.

Uke wadlalela amaqembu okubalwa kuwo iGa-Rankuwa United ngaphambi kokuthi ajoyine iFree State Stars okuyiyona azidonsele ngayo amehlo abaqeqeshi bePirates.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 545 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 781 votes
Vote
Rand - Dollar
18.89
+0.2%
Rand - Pound
23.84
+0.3%
Rand - Euro
20.38
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.31
+0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
908.05
0.0%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE