Share

Usopolitiki ubize umdlali webhola ngenkawu

Mexico City – Izikhulu zeqembu lebhola likanobhutshuzwayo eMexico iQueretaro zithi zifuna athathelwe izinyathelo usopolitiki obize isihlabani sebhola saseBrazil uRonadinho ngenkawu.

Ngokubika kwe-SoccerLaduma uCarlos Trevino ubhale enkundleni yokuxhuma uFacebook ekhononda ngemuva kokuba kumthathe isikhathi esingaphezulu kwamahora amabili ukuthi afike kwakhe ngenxa yesiminyaminya sezimoto ebeziyobuka lo mdlali edlala okokuqala kuleli qembu. 

“Ngiyalizonda ibhola likanobhutshuzwayo  nawonke umsangano oqhamuka nalo kodwa ngiyazama ukubekezela uma lidlala,” kubhala lo sopolitiki oyilungu le-National Action Party kuFacebook.  

“Okwenze ngilizonde kakhulu wukuthi abantu bagcwala imigwaqo kuze kungahambeki nakahle….

OLUNYE UDABA: Isihlabani simangazile sijoyina elasehlathini

Konke nje lokhu bakwenzela ukubuka inkawu…..

Inkawu yaseBrazil.

Lokhu sekuphenduke isekisi,” kuqhuba umbhalo walo sopolitiki kule nkundla.

Nakuba kuvela ukuthi lo sopolitiki ugcine ewususile lo mbhalo kodwa leli qembu liveze kwi-website yalo ukuthi lifuna athathelwe iziyathelo zomthetho ngalo mbhalo okhombisa ukucwasa ngokwebala.

“Sizokwenza konke okusemandeni ethu ukuqinisekisa ukuthi uTrevino ubhekana nengalo yomthetho ngemuva kothuka umdlali wethu uRonaldp de Assis Moreira ‘Ronadinho’.

Sinxusa nabaholi bezwe balusukumele lolu daba,” esikhishwe yileli qembu kwiwebsite yalo. 

Kuzokhumbuleka ukuthi kumangaze abaningi ngesikhathi lo mdlali eqoka ukuyodlala ezweni laseMexico ngoJulayi kulo nyaka njengoba eke wabalwa njengabanye babadlali abahamba phambili emhlabeni. 

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
50% - 1 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
50% - 1 votes
Vote
Rand - Dollar
19.15
-0.7%
Rand - Pound
23.82
-0.6%
Rand - Euro
20.39
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.30
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.6%
Platinum
950.40
-0.3%
Palladium
1,028.50
-0.6%
Gold
2,378.37
+0.7%
Silver
28.25
+0.1%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
67,190
+0.4%
All Share
73,271
+0.4%
Resource 10
63,297
-0.1%
Industrial 25
98,419
+0.6%
Financial 15
15,480
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE