Share

'Usuhlehlisiwe owe-Afcon 2015'

Cape Town - Imibiko yabezindaba eMorocco ithi iCAF isivumile ukuhlehlisa umqhudelwano wango-2015 we-Africa Cup of Nations ngenxa yegciwane le-Ebola eNtshonalanga Afrika.

IMorocco bekulindeleke ukuba isingathe umqhudelwano webhola lezinyawo wezwekazi lase-Afrika, kodwa abezindaba kuleliya lizwe bathi emhlanganweni wangoLwesithathu obuphakathi kweCAF nekomidi elihlela imidlalo, kuvunyelwene ngokuhlehlisa lo mqhudelwano.

Manje kukholakala ukuthi lo mqhudelwano ungase ubengoJuni 2015 noma ngoJanuwari 2016.

Funda nalolu daba: 'Kuzomele ajabulise uBaxter uZulu.'

Kodwa, isinqumo sokugcina kungenzeka sithathwe emhlanganweni wekomidi eliphezulu leCAF ozoba se-Algiers ngeSonto.

Igciwane le-Ebola selibulale abantu abalinganiselwa kwabangu-5000, kubika iKickOff.com.

Izwe laseMorocco belilokhu lizama ngakho konke okusemandleni ukususa lo mqhudelwano ezandleni zalo, kanti bekubhekwe ukuba usingathwe yiNingizimu Afrika noma iGhana, kodwa okwamanje iCAF ayiyingeni leyo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
63% - 207 votes
No! It's time to move on ...
37% - 122 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
+1.1%
Rand - Pound
23.78
+0.7%
Rand - Euro
20.39
+0.8%
Rand - Aus dollar
12.41
+0.6%
Rand - Yen
0.12
+1.2%
Platinum
916.00
+0.4%
Palladium
1,006.00
+0.1%
Gold
2,328.74
+0.6%
Silver
27.38
+0.8%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,438
-0.2%
All Share
74,385
-0.2%
Resource 10
61,594
+1.9%
Industrial 25
102,928
-1.0%
Financial 15
15,826
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE