Johannesburg – Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uKhethokwakhe Masuku uthe sekusele kancane ukuthi iqembu libuyele ekunqobeni abalandeli abakujwayele.
IPirates izinhliziyo zisathuthumele kulandela ukukhala ngaphansi emidlalweni emibili ilandelana ngemuva kokuhlulwa ngo 1-0 yiKaizer Chiefs kowamanqamu weMTN8 yaphinde yabhaxabulwa ngawo futhi u 1-0 yiChippa United kowe-Absa Premiership.
OLUNYE UDABA: Sizimisele ukubuya ehlathini - Arrows
AmaBhakabhaka azoziveza ukuba asekhona uma esedlala neqembu iPolokwane City kuvulwa oweTelkom Knockout idlalela ekhaya ngeSonto.
"Sesihlulwe emdlalweni emibili ebalulekile kodwa izinto uma zinje abadlali abangadlalanga kufanele bakulindele ukubizwa umqeqeshi okuyinto ejwayelekile," kusho uMasuku.
"Kodwa sengibe naleli qembu amasizini ambalwa manje futhi ngiyazi sizobuyela emdlalweni wethu kungekudala," kusho uMasuku etshela iKickoff.com.
UMasuku kusenzima ukuthola ijezi kuyena kule sizini.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter