Johannesburg - UBuhle Mkhwanazi uthi ayikho ingcindezi kubadlali beBidvest Wits yokuba banqobe isicoco seligi.
IziTshudeni bezibalwa kakhulu namaqembu angase athathe isicoco seligi ngesikhathi kusavulwe iwindi lokuthengwa kwabadlaliu, kanti kuze kube manje leli qembu lisethenjwa ukuthi lingamuka naso isicoco njengoba lisendaweni yesine, lilandela iPlatinum Stars kanye neMpumalanga Black Aces abaphezulu nngephuzu elodwa.
Kodwa noma kunjalo uMkhwanazi ugcizelela elokuthi ababekelwanga mgomo wokuthi nakanjani kumele bathathe isicoco.
Funda nalolu daba: Ukhuza ibuya oweBucs obelimele
“Ayikho ingcindezi kubaphathi, umqeqeshi noma abalandeli,” usho manje kwiKickOff.com.
“Iqembu lisayine abadlali abanohlonze futhi kusemahlombe abo bonke abadlali ukuqinisekisa ukuthi iqembu lenza kahle. Kuzomele sibhukule ngakho konke, sisize iqembu ukuba linqobe isicoco.”
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.