Durban - Ukushintsha uhlelo nokukwenyusa ukuzethemba yikona okwenze uLudwick Mamabolo, 35, anqobe umjaho weComrades Marathon, obanjwe ngeSonto wabuyisa isithunzi seNingizimu Afrika.
UMamabolo ugijime lomjaho ongu-89 kilometres okwesithathu kulo nyaka.
Uthuse abaningi wabuyisa ithemba ngeNingizikmu Afrika ngesikhathi eshiya abantu ebebeyizintandokazi abahlanganisa uStephen Muzhinghi, waseZimbabwe.
UMuzhingi usenqobe umjaho kwaze kwaba kathathu.
Abagijimi bakuleli okunguFanie Matshipa noGift Kelehe, nabo ebebebhekekile basale ngaphandle ngesikhathi uMamabolo eqeda ishobolo leminyaka eyisikhombisa lokuhamba kwesicoco siye kubantu bangaphandle.
Ngonyaka ka-2010, waphuma isibili kwathi ngo-2011 walala endaweni yesikhombisa.
“Ngemuva komjaho ka-2010 ngabuyela ekhaya ngafundisisa kabusha indlela engigijima ngayo, ngabona kungcono ngishintshe uhlelo engigijima ngalo," kusho uMamabolo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).