isiZulu

Uyacwaswa uMamabolo - Umbiko

2012-06-21 10:09
Johannesburg - Umgijimi owanqoba iComrades Marathon uLudwick Mamabolo okumanje uphenywa ngezinsolo ezithi wasebenzisa isidakamizwa esingaphasisiwe, uyisisulu sokucwasa ngokwebala, kusho umndeni wakhe.

Iphephandaba iSowetan libike lathi uMamabolo uzocela kuphinde kuhlolwe kabusha.

"Waphuma isibili eqala ukugijima ngo-2010, akukho phenyo olwenziwa. Manje ubeke engcupheni umsebenzi wakhe waziqeqesha, sekuqalwa uphenyo, kungenzeka yini ukuthi yingoba emnyama?" kusho ubaba kaMamabolo

UJeremiah Mamabolo uthe indodana yakhe ineminyaka igijima, uthi ukube ibisebenzisa izikhuthazi mziba ngabe kade yabonakala.

"ULudwick usebenze kanzima ukunqoba lo mjaho," kusho ubaba.

Ube esejobelela ethi indodana yakhe iyilungu lebandla iZion Christian Church.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


SAPA
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)