Johannesburg - Umqeqeshi odabuka eMalawi, uKinnah Phiri, usekhulume ngokuxoshwa kwakhe yiFree State Stars, wathi isinqumo sokuxoshwa kwakhe ngemuva kwemidlalo emithathu besingafanele.
Ukushaywa kweStars imidlalo emithathu ilandelana kushiye leli qembu lilele emsileni nokwenze lathatha isinqumo sokuxosha uPhiri ungakapheli nonyaka ethathe izintambo.
Izintatmbo zokuqeqesha kuleli qembu zinikwe u-Ernst Middendorp.
Funda nalolu daba: Kuzomele silungise izinto - OweBucs
“Iqembu lithathe isinqumo esingesihle sokuba lingixoshe kodwa ke njengesisebenzi akukho ebengingakwenza,” kusho uPhiri kwiKickOff.com.
“Ngithi lesi sinqumo besingafanele ngoba ngemuva kokuhamba kukaCamaldine Abraw noDaniel Cardoso ngafaka isicelo sokuba sithenge abadlali abathile engibadingayo ukuvala izikhala zabahambile.”
“Ngeshwa iqembu elingilekelelanga ngalokhu nokusho ukuthi kwakumele ngisebenze ngalokho enginakho.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.