Johannesburg - UHerve Renard usenqume ukusula emsbenzini wokuhola iqembu lesizwe lase-Ivory Coast, wathi lokhu kuzokwenzeka ngokushesha.
URenard umemezele ukuthi uyashiya kulesi sikhundla kulandela amahlebezi athi angase aqeqeshe iqembu laseFrance, iLille, kubika iKickOff.com.
Lesi simemezelo siza ngemuva kwezinyanga uRenahrd aholela iThe Elephants ekuthatheni isicoco se-Africa Cup of Nations ngoFebhuwari nonyaka, ngemuva kweminyaka engu-23 leli lizwe lagcina ukunqoba lo mncintiswano.
OLUNYE UDABA: Sizobuyisela izinduku - Zambia
"Ngithanda ukubonga wonke umuntu owadlala indima ekutheni sinqobe i-Afcon,” kusho lo mqeqeshi, 46.
"Ngibonga angiphezu ebantwini bezwe abese belinde iminyaka engu-23 ukuphakamisa lesi sicoco. Angisoze ngalukhohlwa lolu suku.”