Share

Uyinkakha uMeyiwa - Mahlangu

Johannesburg - Lowo owayisihlabani seKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uJabu Mahlangu, naye usebhonge emswaneni ngokudlula emhlabeni kukaSenzo Meyiwa, kubika iSoccerladuma.

'UShuffle' ungomunye walabo abakholelwa ukuthi uMeyiwa ubezoba ngomunye wonozinti abaphambili kuleli.

“Lezi zindaba ngazithola ebusuku ngeSonto. Ngangiphuma eKimberly lapho kwakuqhubeka khona imidlalo yeMultiChoice Diski Challenge," usho kanje.

"Ngathola ucingo oluvela komunye umuntu owangitshela ukuthi, kukhona into embi  eyenzekile. Ngangicabanga ukuthi ukhuluma ngento eyenzeke lapho sasisuka khona eKimberly,” usho kanje.

Funda nalolu daba: Ngathengela uMeyiwa iKFC - Khune.

“Wangitshela ukuthi uSenzo akasekho emhlabeni. Wathi angivule umabonakude. Ngathi uma ngiwuvula nje, yilona daba olwaluhamba phambili,” usho kanje.

"Lento ayikholakali ngoba ubesefomini emangalisayo uSenzo. Ubeneminyaka engu-27 nje kuphela ubudala nokuyisikhathi onozinti abaningi abasuke sebevuthiwe ngaso,” kusho uMahlangu.

"Besisazobona okukhulu kuSenzo. UKhune ubesazoyilwela indawo yakhe. Bekuzoba ukuncintisana okuhle nokuyinto ebizolisiza kakhulu izwe lethu. Ubeyiqhawe kumina. USenzo ubeyinkakha,” kusho uMahlangu.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 




We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 739 votes
No! It's time to move on ...
33% - 369 votes
Vote
Rand - Dollar
18.98
+0.2%
Rand - Pound
23.78
+0.1%
Rand - Euro
20.40
+0.0%
Rand - Aus dollar
12.44
-0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.8%
Platinum
924.60
-0.1%
Palladium
982.50
-0.8%
Gold
2,347.77
+0.7%
Silver
27.71
+1.0%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,087
+1.0%
All Share
74,992
+0.9%
Resource 10
62,774
+1.1%
Industrial 25
103,737
+1.2%
Financial 15
15,859
+0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE