Share

Uzoligcina ijezi uKhuzwayo - Baxter

Johannesburg – Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter uthe u-Itumeleng Khune kusazomele asebenze kanzima kakhulu uma efuna ukuthola ijezi kuleli qembu njengoba uBrilliant Khuzwayo egila izimanga kulezi zinsuku.

Ngokubika kwe-KickOff uKhuzwayo uhlabane nendondo yokuba ngumdlali ovelele ngoLwesibili ngesikhathi iChiefs idlala ngokulingana nePolokwane City ePeter Mokaba Stadium. 

Ngemuva kwalo mdlalo uBaxter uthe akanancindezi emapalini njengoba uKhune eseqalile ukuzilolonga neqembu.

OLUNYE UDABA: Kubhekwe uKhuzwayo noMpontshane kwiBafana

“Uma uBrilliant esaqhubeka nokudlala kahle uzoligcina ijezi lingakuye lokhu kusobala.

Abadlali bethu bayazi ukuthi uma uma umdlali esadlala kahle uyaligcina ijezi kuze kube wehlelwa yifomu. Naye u-Itu uyakwazi lokho,” kusho uBaxter.

UKhuzwayo usadlale imidlalo engu-9 wangangenelwa yigoli kwengu-5 kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini.UKhune useqalile ukuzilolonga neqembu njengoba eseluleme ekulimaleni eqakaleni akuthola ngoSepthemba.

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
How often do you go to the cinema to watch new movies?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Often - nothing beats the big screen
2% - 26 votes
Hardly - I prefer streaming online
66% - 724 votes
Sometimes - it depends on the film release
31% - 344 votes
Vote
Rand - Dollar
19.15
-0.7%
Rand - Pound
23.82
-0.6%
Rand - Euro
20.39
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.30
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.6%
Platinum
950.40
-0.3%
Palladium
1,028.50
-0.6%
Gold
2,378.37
+0.7%
Silver
28.25
+0.1%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
67,190
+0.4%
All Share
73,271
+0.4%
Resource 10
63,297
-0.1%
Industrial 25
98,419
+0.6%
Financial 15
15,480
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE